Creative Commons License Deed

Qaphela Umnikazi-Zihlanganyeleni 2.0 Ejapane (CC BY-SA 2.0)

Umshwana Wokuzikhipha Emthwalweni

IMvume ye-Commons ayiyona ilayisensi. Imane nje iyinto ewusizo ongabheka kuyo ukuze uqonde iKhodi Yomthetho (iLayisensi ephelele) -- iwuhlelo olungafundwa umuntu lwamanye amagama ayo ayinhloko. Le Mvume ngokwayo ayibalulekile ngokomthetho, futhi ekuqukethe akuveli kuLayisensi yangempela. Imibandela yangempela yelayisensi ibekwe yiKhodi Yomthetho. Sicela uchofoze lapha ukuze ubone iLayisensi ephelele.

I-Creative Commons kanye ne-Creative Commons Japan ayizona izinkampani zomthetho, futhi ukusabalalisa noma ukubonisa noma ukuxhuma kwiMvume ye-Commons akunikezi iseluleko esingokomthetho noma izinsizakalo ezithile ezingokomthetho. I-Creative Commons kanye ne-Creative Commons Japan aziyona ingxenye yeLayisensi engaphansi kwale Mvume ye-Commons, futhi ziyazikhipha emthwalweni wokulimala okungabangelwa ukusebenzisa iMvume ye-Commons kanye neLayisensi engaphansi kwayo.

UMkhiqizo onelayisensi ngaphansi kweLayisensi Yakwa-Creative Commons unikezwa ngumuntu osebenzise iLayisensi. I-Creative Commons ne-Creative Commons Japan abanikezi siqinisekiso mayelana nesihloko somnikazi welayisensi. Sicela ufunde lapha ukuze uthole ukwaziswa mayelana nokusetshenziswa kwamalayisensi nokuxhashazwa koMkhiqizo onelayisensi ngaphansi kwamalayisensi e-Creative Commons.