Creative Commons License Deed

Ukuthatha Isampula Nokunye 1.0

Umshwana Wokuzikhipha Emthwalweni

IMvume ye-Commons ayiyona ilayisensi. Imane nje iyinto ewusizo ongabheka kuyo ukuze uqonde iKhodi Yomthetho (ilayisensi ephelele) — iwuhlelo olungafundwa umuntu lwamanye amagama ayo ayinhloko. Cabanga ngayo njengohlelo olunobungane kolusebenzisayo oluneKhodi Yomthetho ngaphansi. Le Mvume ngokwayo ayibalulekile ngokomthetho, futhi ekuqukethe akuvele kulayisensi yangempela.

ICreative Commons ayiyona ifemu yomthetho futhi ayinikeze izinsizakalo zomthetho. Ukusabalalisa, noma ukubonisa noma ukuxhuma kule Mvume ye-Commons akwakhi ubudlelwano bommeli nekhasimende lakhe.

Creative Commons has retired this legal tool and does not recommend that it be applied to works.

Ukhululekile:

  • Ukwenza isampula, ukuhlanganisa, noma ngale kwalokho ukuguqula lo msebenzi ngezinjongo ezingezona ezentengiselwano nokungezentengiselwano.
  • Ukuze udlale, ubonise, noma usabalalise amakhophi awo wonke lo msebenzi ngezinjongo ezingezona ezentengiselwano (isib., ukuhlanganyela amafayela noma ukuwafaka kuwebhu hhayi ngenjongo yezentengiselwano).

Ngaphansi kwale mibandela elandelayo:

  • Kumelwe uqaphele lo msebenzi ngendlela eshiwo umsunguli wawo noma umnikezi welayisensi (kodwa hhayi nganoma iyiphi indlela esikisela ukuthi bayakuvumela wena noma ukusebenzisa kwakho umsebenzi).
  • Ngeke uwusebenzise lo msebenzi ukuze ukhangise noma udayise noma yini ngaphandle komsebenzi owakhele kuwo.
  • Uma uphinda uwusebenzisa noma uwusabalalisa, kumelwe wenze kucace kwabanye imibandela yelayisensi yalo msebenzi. Indlela engcono kakhulu yokwenza lokhu ukukwenza ngomgudu oholela kuleli khasi lewebhu.
  • In no way are any of the following rights affected by the above:
    • Your fair dealing or fair use rights, or other applicable copyright exceptions and limitations;
    • Rights other persons may have either in the work itself or in how the work is used, such as publicity or privacy rights.